Debian Codegraph @

langclass/ShortTexts/zu.txt

raw
1 UMBHALO OGCWELE WOGUNYAZO LWAMALUNGELO OLUNTU JIKELELE
2 Isandulelo
3 Ngokunjalo ukwamukelwa ngokuzuzwa kwesithunzi samalungelo alinganayo najwayelekile awowonke amalunga omndeni wesintu kuyisisekelo senkululeko, sobulungiswa noxolo emhlabeni,
4 Ngokunjalo ukunganakwa nokwedelelwa kwamalungelo esintu kube nomphumela wezenzo zobuqaba eseziqede unembeza kubantu, kanye nomhlaba obhekwe isintu ukuba senamele inkululeko yokukhuluma nokukholwa, inkululeko yokungesabi futhi nokufuna kugunyazwe ugqozi kubobonke abantu,
5 Ngokunjalo kudingekile, uma umuntu engenakuphoqwa ukulandela umgudu othize, njengendlela yokugcina, avukele ababusi nabacindezeli, ukuze amalungelo esintu avikelwe ngokubusa ngomthetho,
6 Ngokunjalo kudingekile ukuba kwenyuswe ukuthuthukiswa kobungane nobudlelwane phakathi kwezizwe,
7 Ngokunjalo abantu beNhlangano yeZizwe bayinqinisile inkolo yabo yengqalasizinda yamalungelo oluntu kuCharter, esithunzini nobuntu emalungelweni alinganayo abesilisa nabesifazane futhi bazimisele ukuqhubela phambili inqubekelaphambili yomphakathi namazinga angcono empilo enkululekweni ethe xaxa,
8 Ngokunjalo aMalunga eMibuso azibophezele mathupha ukuthuthukisa, ngokubambisana neNhlangano yeZizwe, ukuthuthukiswa kwenhlonipho emhlabeni wonke nokuqashelwa kwamalungelo oluntu nengqalasizinda yenkululeko,
9 Ngokunjalo ukuqondwa kahle ngokufanayo kwalamalungelo nenkululeko kubaluleke kakhulu ukuze lokhu kuzibophezela kuqashelwe,
10 MANJE, NGAKHOKE
11 UMGWAMANDA
12 UNQUMA uGunyazo lwaMalungelo oLuntu Jikelele njengezinga elifanayo lokuthuthukiswa kwabantu nezizwe zonke, ekugcineni okuzokwenza ukuthi umuntu ngamunye kunoma isiphi isigaba somphakathi ngokugcina lolawulo emqondweni baphokophelele ngokufundisa nangemfundo ukuphakamisa inhlonipho yalamalungelo nenkululeko futhi nangenqubekelaphambili, ezweni noma emhlabeni jikelele, baqinisekise ukwamukelwa okuvumelekile nokuqashelwa jikelele ndawozombili phakathi kwabantu baMalunga eMibuso qobo lwabo kanye nabantu abangaphansi kwemibuso yabo.
13
14 Isigaba 1
15 Bonke abantu bazalwa bekhululekile belingana ngesithunzi nangamalungelo. Bahlanganiswe wumcabango nangunembeza futhi kufanele baphathane ngomoya wobunye.
16
17 Isigaba 2
18 Wonke umuntu kumele awathole wonke lamalungelo nenkululeko ebhalwe kuloluGunyazo, ngale kokwehlukaniswa, ngokobuhlanga, ngokwebala, ngokobulili, ngokolimi, ngokwenkolo, ezombangazwe noma umbono, ubuzwe noma imvelaphi, umhlaba, ukuzalwa noma isiphi‐ke nje esinye isimo.
19 Ngaphezu kwaloko, akukho kuhlukaniswa okuyokwenziwa ngenxa yezombangazwe, isimo sokwenganyelwa kwezwe noma imingcele yezwe umuntu ahlala kulo, noma ngabe uzimelegeqe, ubanjelwe, ozibuse noma uphansi kolawulo olunqunyelwe.
20
21 Isigaba 3
22 Wonke umuntu unelungelo lempilo, lenkululeko nelokuphepha.
23
24 Isigaba 4
25 Akekho oyoba isigqila noma agqilazwe, ukuhweba ngezigqila kuyovinjwa ngezindlela zonke.
26
27 Isigaba 5
28 Akekho oyohlukunyezwa noma aphathwe ngobulwane ajeziswe ngokwehliswa isithunzi.
29
30 Isigaba 6
31 Wonke umuntu unelungelo lokwemukelwa nomaphi njengomuntu phambi komthetho.
32
33 Isigaba 7
34 Sonke siyalingana phambi komthetho futhi kufanele umthetho usivikele ngokulinganayo ngale kokubandlulula. Sonke kufanele sivikelwe ngokulinganayo ekubandlululweni, ngokungagcinwa kwaloluGunyazo futhi nasekukhuthazweni kwanoma luhloboluni lobandlululo.
35
36 Isigaba 8
37 Wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo oluyilo ezinkantolo ezibekiwe ngezenzo ezephula isisekelo samalungelo anikezwe wona umthethosisekelo noma umthetho.
38
39 Isigaba 9
40 Akekho oyoboshwa, avelelwe noma adingiswe ngokungekho emthethweni.
41
42 Isigaba 10
43 Wonke umuntu kumele alalelwe obala ngokulingana okugcwele nangeqiniso, inkantolo engavuni futhi ezimele, ekutholweni kwamalungelo akhe nezimiselo zakhe noma ngabe iliphi icala abekwe lona.
44
45 Isigaba 11
46
47
48 Wonke umuntu obekwe icala elidinga isijeziso unelungelo lokuthathwa njengomsulwa kuze kutholakale ukuthi impela unecala ngokomthetho enkantolo evulekile lapho enikwe iziqiniseko ezidingekile zokuzivikela.
49
50
51 Akekho oyotholwa enecala ngecala elidinga isijeziso ngenxa yanoma isiphi isenzo noma iphutha elalingelona icala elidinga isijeziso ngaphansi komthetho wezwe noma kazwelonke, ngenkathi lenzeka. Noma anikwe isijeziso esinzinyana kunaleso esasifanele ngenkathi kwenzeka lelocala.
52
53
54
55 Isigaba 12
56 Akekho okuyogaxekwa, ngokungemthetho ezindabeni zakhe zangasese, emndenini, ekhaya noma ezincwadini azithumelayo nazitholayo, noma ukuhlaselwa kwesithunzi nokuhlonipheka kwakhe. Wonke umuntu unelungelo lokuvikelwa kulokho kuhlaselwa nokugxambukela.
57
58 Isigaba 13
59
60
61 Wonke umuntu unelungelo lokuhamba ngenkululeko nokuhlala phakathi kwemingcele ezungeze imibuso ehlukene.
62
63
64 Wonke umuntu unelungelo lokushiya izwe lakhe, futhi abuye abuyele kulo.
65
66
67
68 Isigaba 14
69
70
71 Wonke umuntu unelungelo lokucela ukuhlala akhosele kwamanye amazwe ebalekela ukuphathwa kabuhlungu.
72
73
74 Lelilungelo alinakusetshenziselwa ukubalekela ukushushiswa okufanele okuvela ngamacala angahlangene nezombangazwe noma ngezenzo ezingqubuzana nezinhloso nemigomo yeNhlangano yeZizwe.
75
76
77
78 Isigaba 15
79
80
81 Wonke umuntu unelungelo lobuzwe.
82
83
84 Akekho oyokwenqatshelwa ngokungemthetho noma ancishwe ilungelo lokuguqula ubuzwe bakhe.
85
86
87
88 Isigaba 16
89
90
91 Abesilisa nabesifazane asebeneminyaka efanele yobudala banelungelo lokuganana bakhe unmdeni, ngale kwezihibe zobuhlanga, ubuzwe noma inkolo. Kufanele babenamalungelo alinganayo ngokomshado, ngenkathi beshadile noma usuhlakazekile umshado.
92
93
94 Umshado kuyongenwa kuwo kuphela ngenkululeko nangemvume ephelele yalabo abashadayo.
95
96
97 Umndeni uyimvelo nesizinda somphakathi okufanele uvikelwe umphakathi noMbuso.
98
99
100
101 Isigaba 17
102
103
104 Wonke umuntu unelungelo lobunikazi bempahla eyedwa noma ehlanganyele nabanye.
105
106
107 Akekho oyokwephucwa ngokungekho emthethweni impahla yakhe.
108
109
110
111 Isigaba 18
112 Wonke umuntu unelungelo lokucabanga ngenkululeko, unembeza nenkolo, lelilungelo lihlanganisa inkululeko yokuguqula ukholo noma inkolelo noma ngabe eyedwa noma nabanye emphakathini, obala noma ngasese, ukucacisa inkolo noma ukukholwa kwakhe ngokufundisa, ngokwenza, nokukhonza nangokulandela.
113
114 Isigaba 19
115 Wonke umuntu unelungelo lokuveza umbono ngenkululeko, lelilungelo lihlanganisa inkululeko yokubeka imibono ngaphandle kokuthikanyezwa, futhi nokuthungatha, ukwamukela nokukhipha ulwazi nemiqondo nganoma iyiphi indlela yokusakaza ngale kwezihibe.
116
117 Isigaba 20
118
119
120 Wonke umuntu unelungelo lokuhlanganyela ngokukhululeka embuthanweni woxolo.
121
122
123 Akekho oyophoqwa ukuba yilunga lenhlangano.
124
125
126
127 Isigaba 21
128
129
130 Wonke umuntu unelungelo lokubamba iqhaza kuhulumeni wezwe lakhe, ngokwakhe ngqo noma ngabakhulumeli abakhethwe ngokukhululekile.
131
132
133 Wonke umuntu unelungelo elilinganayo lokuthola usizo lomphakathi olufanayo ezweni lakhe.
134
135
136 Intando yabantu yiyo eyoba isizinda segunya likahulumeni. Lentando iyovezwa okhethweni lwempela ngezikhathi ezithile oluyoba ujikelele futhi lufane ndawozonke. Luyokwenziwa ngokhetho oluyimfihlo noma ngenqubo yokhetho olukhululekile.
137
138
139
140 Isigaba 22
141 Wonke umuntu, njengelunga lomphakathi, unelungelo lukuphepha emphakathini futhi kufanele aziwe, ngemizamo yezwe nokubambisana kukazwelonke futhi nangokuhambisana nezinhlangano nemithombo yeMibuso ehlukene, kwezomnotho, amalungelo amasiko nenhlalo angenakulahlwa ngesithunzi sakhe nokuthuthukisa ubuyena ngenkululeko.
142
143 Isigaba 23
144
145
146 Wonke umuntu unelungelo lokusebenza, nokuzikhethela ngenkululeko umsebenzi, nezimo zomsebenzi ezivunelekile nezilungile futhi nokuvikelwa uma elahlekelwe umsebenzi.
147
148
149 Wonke umuntu, ngaphandle kokubandlululwa, unelungelo lokuhola imali efanayo ngomsebenzi ofanayo.
150
151
152 Wonke umuntu osebenzayo unelungelo lomholo ofanele novumelekile ukuqinisekisa ubukhona besithunzi sobuntu bakhe nomndeni wakhe, kulekelelwa, uma kundingekile, ezinye izindlela zokuvikeleka komphakathi.
153
154
155 Wonke umuntu unelungelo lokubumba noma lokuba ilunga lenyunyana ukuze kuvikeleke izidingo zakhe.
156
157
158
159 Isigaba 24
160 Wonke umuntu unelungelo lokuphumula nokungcebeleka, kuhlangene nemikhawuko yamahora okusebenza, namakhefu akhokhelwayo ezikhathini ezithize.
161
162 Isigaba 25
163
164
165 Wonke umuntu unelungelo lezinga lempilo nenhlalakahle eyenelisayo yakhe nomndeni wakhe, khuhlangene nokudla, okokwembatha, izindlu, ukunakekelwa ngezokwelashwa kanye nemisebenzi yomphakathi, nelungelo lokuvikeleka uma engasebenzi, egula, ekhubazeka, eshonelwa, eguga noma‐ke ikuphi ukukhubazeka okungamehlela ngesimo angenamandla okusinqanda.
166
167
168 Omama nabantwana kumele banakekelwe futhi balekelelwe ngokunqala impela. Bonke abantwana noma bezalwe ngaphandle komshado bayothola ukuvikelwa okufanayo emphakathini.
169
170
171
172 Isigaba 26
173
174
175 Wonke umuntu unelungelo lemfundo. Imfundo iyotholakala ngesihle, okungenani emabangeni aphansi ayingqalasizinda. Imfundo eyisingeniso iyoba ngeyempoqo. Imfundo yobuchwepheshe neyenzululwazi iyokwenziwa ibe khona ngokwejwayelekile bese kuthi imfundo ephakeme itholakale kubobonke ngobunjalo babo.
176
177
178 Imfundo iyoqonda ekuthuthukiseni ubuntu ngokugcwele nasekuqiniseni inhlonipho yamalungelo abantu nengqalasizinda yenkululeko. Iyothuthukisa ukuzwana, ukubekezelelana nobungane phakathi kwezizwe, kwamaqembu ezinhlanga nezenkolo, futhi iyoqhubela phambili imikhankaso yeNhlangano yeZizwe ekugcineni uxolo.
179
180
181 Abazali banelungelo lokuqala lokukhetha uhlobo lwemfundo eyonikezwa abantwana babo.
182
183
184
185 Isigaba 27
186
187
188 Wonke umuntu unelungelo elikhululekile lokuzimbandakanya empilweni yamasiko omphakathi, athokozele amakhono, ahlomule entuthukweni yezesayensi nasezinzuzweni zayo.
189
190
191 Wonke umuntu unelungelo lokuvikeleka kwezifiso ezisemqoka ezingumphumela womkhiqizo wezobusayensi, wombhalo okukanye wekhono elithize abengumsunguli wako.
192
193
194
195 Isigaba 28
196 Wonke umuntu emphakathini nasemhlabeni kumele athole lamalungelo nenkululeko echazwe kuloluGunyazo.
197
198 Isigaba 29
199
200
201 Wonke umuntu uneqhaza emphakathini okuwukuphela kwendawo lapho ukukhululeka nokuthuthuka kwakhe kungenzeka khona.
202
203
204 Ekusebenziseni amalungelo nenkululeko yakhe, umuntu uyokwenza lokho okulinganiselwe njengokulawula komthetho, ngenhloso eyodwa yokuqinisekisa ukwamukelwa nenhlonipho yamalungelo nenkululeko yabanye abantu, futhi nokuhlangabezana nezidingo ezinobulungiswa nobuqotho, ukuqonda komphakathi kanye nezenhlalakahle jikelele emphakathini wentando yeningi.
205
206
207 Lamalungelo nenkululeko akunakusetshenziswa ngokuphambana nezinhloso nemigomo yeNhlangano yeZizwe.
208
209
210
211 Isigaba 30
212 Akukho lutho okukuloluGunyazo okuyohunyushwa ngokuthi kuthi uMbuso mumbe, iqembu noma umuntu unelungelo lokwenza noma isiphi isenzo sokuthikameza noma imaphi amalungebo nenkululeko echazwe ngaphezulu.
213